Owayengumgadli weKaizer Chiefs uDavid ‘Mkhumbi kaNowa’ Radebe ubona ezifaka enkingeni u-Ashley Du Preez ngokugijima ngokweqile.
UDu Preez ugeje inqwaba yamagoli emdlalweni weligi neRoyal AM ngempelasonto ophele zibambene ngo 0-0.
Isivinini sikaDu Preez sayidalela inkinga iThwihli Thwahla eyasindela ukuthi lomgadli uvele unedumela lokushweba.
URadebe uthi limphoxile ibhola elidlalwe yiChiefs ngeSonto.
“Angiphathekanga kahle ngebhola elidlalwe yiChiefs. Ngiyaqonda kancane ngoba amaqembu asanda kubuya ekhefini elide.
IChiefs bekufanele inqobe ngeSonto. Kufanele bazijwayeze ukuqoqa amaphuzu emidlalweni efana nalena. Yiliphi iqembu abazolishaya uma behlulwa ukuthatha amaphuzu emaqenjini abuthaka?” kubuza uRadebe engxoxweni nabeKickOff.
URadebe uthi uDu Preez unesivinini esingenhla, esixaka ngisho ozakwakhe.
“UDu Preez bekufanele alishaye igoli kodwa angimgxeki. Ngibona enejubane eliningi, ngisho nozakwakhe bayahluleka ukumelana naye.
Ubegijima ashiye ozakwakhe emuva, asale engenamuntu azomphasela ibhola. Ubephoqeleka ukuthi akhahlele uma ethola ibhola ngoba ubeqangqalaza yedwa uma kuhlaselwa,” kuchaza uRadebe.