Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena ukhalaze ngezinqumo ezithathwe yithimba likanompempe emdlalweni abathole kuwo iphuzu elilodwa bebhekene nePolokwane City.
IDowns iqathaze amaphuzu yize uPeter Shalulile elishayile igoli esiwombeni sesibili.
Unompempe uxoxisane nomsizi wakhe u-Akhona Makalima, baqoka ukuliphika igoli ngesizathu sokuthi uThemba Zwane udlalise kabi umdlali weCity ebhokisini.
URulani ukubeke obala ukuthi lesinqumo simcikile.
“Angifuni ukukhuluma isikhathi eside ngoba angithandi ukuzifaka enkingeni. Kuzongisiza ukungakhulumi, kuningi engikubonile kulelisonto ebholeni laseNingizimu Afrika,” kuchaza uRulani kwinkomfa yabezindaba.
URulani uthe ibhola lakuleli lisenkingeni ngenxa yezinqumo zonompempe ezishaya eceleni.
UMshishi ukhande igoli esiwombeni sokuqala. Umdlalo ushintshile ngemuva kwalokho. ICity ikwazile ukubamba umdlalo isikhathi eside, yingakho sihlulekile ukuyigqobhoza.
Sihlulekile ukugcina umgqigqo esiwombeni sokuqala. Angifuni ukukhuluma ngezinqumo zonompempe ngoba zishintsha umdlalo.
UMshishi akadlalanga kabi, ngithukile ngizwa ngesinqumo. Umdlalo uphazanyiswe ukumosheka kwesikhathi nokudlalisana kabi ngemuva kwalokho.
Kungiphatha kabi ukubona ukuthi abathandi bebhola babone lesinqumo. Izinqumo ezifana nalezi ziliveza kabi ibhola lakuleli. Ngizolithatha iphuzu elilodwa,” kuchaza uRulani.