Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi asikho isidingo sokuthathela phezulu umphumela womdlalo weligi abahlulwe kuwo yiStellenbosch ngo 3-2 ngoLwesihlanu.
IBucs ibihlulwa emdlalweni wesihlanu kwiligi kulesizini.
Bekubukeka izowina kalula iBucs kulomdlalo njengoba kuyiwe ekhefini ihamba phambili ngamagoli amabili ashaywe uTapelo Xoki no-Evidence Makgopa.
IStellies iphendukele iBucs njengotshwala esiswini sekusele imizuzu engu-30 kuphele umdlalo.
U-Iqraam Rayners noDevin Titus bashaye amagoli abuyise iStellies emdlalweni emizuzwini emithathu. U-Andre de Jongh ushayele isipikili sokugcina ngomzuzu ka-83, amaphuzu abuyela eKapa.
Lomphumela unyusele iStellenbosch endaweni yesine kwiligi, ngaphezulu kwePirates abayishiya ngephuzu elilodwa.
IBucs ibihlulwa okwesibili kulandelana kwiligi, kwazise yathola induku ka 3-1 ibhekene neSuperSport United ePolokwane.
“Asikho isidingo sokwenza ihaba ngomphumela ngoba lokhu kuyenzeka ebholeni. Siwubambe kahle umdlalo kodwa sahluleka ukubamba umgqigqo emizuzwini engu-20 yokugcina.
Angifuni ukunipha izihloko enizozisebenzisa kumaphephandaba. Kunzima ukwamukela ukuhlulwa. Ngijwayele ukuchitha isikhathi esiningi, ngibheka amaphutha engiwenzile.
Ngisuke ngizama ukusiza abadlali bajwayele ibhola esilifunayo ngenhloso yokusiza iqembu likwazi ukufeza imibandela. Kufanele ngizigxeke. Kufanele uzigxeke noma uwinile ukuze uzozama ukukhuphula izinga,” kuchaza uRiveiro.