Umqeqeshi oyibamba kwiKaizer Chiefs uCavin Johnson uthi ubunzima bokungayibhakuzisi inethi obuthwelwe abagadli uChristiane Saile noJassond Gonzalez kuyisimo abasazama ukusilungisa ejimini. 

UJohnson ubekhuluma sekuphele umdlalo weDSTV Premiership abawunqobe ngo 1-0 bebhekene neRichards Bay eKing Zwelithini Stadium. 

USaile (24) usashaye amagoli amathathu kwiligi emidlalweni engu-15 kulesizini. UGonzalez akayazi inethi yize esenemidlalo engu-9. 

Labagadli babanga ijezi noRanga Chivaviro, naye othwele kanzima eNaturena yize ebethwelwe ngeqoma ngesikhathi esayina esuka kwiMarumo Gallants. 

“Ngicela iNkosi imbusise uGonzalez ukuze ezoshaya amagoli. USaile noRanga sebewashayile amagoli. UGozalez ubengakalishayi igoli. Abagadli bayafana nonozinti, bafuna ukwenza kangcono. 

Bayawashaya amagoli ejimini, bayaliphakamisa izinga ejimini. Kubaphatha kabi ukungawashayi amagoli emidlalweni. 

Ngiyathemba uGonzalez uzokwazi ukushaya amagoli. Ngiyabazwela benoSaile ngoba kusadingeka bajwayele indlela yokwenza eNingizimu Afrika ngoba bangabantu bokufika. Ngiyabazwela kakhulu uma bekhuluma ulimi lesi-French noma iSpanish. 

Kunzima ukujwayela indawo entsha. Kuyafuneka sijwayele ezinye izilimu singabaqeqeshi ukuze abadlali bezohlaliseka ngokushesha. Ngiyazigxeka ngokungakwazi ukufunda ezinye izilimu ezikhulunywa abadlali. 

Ngibona ngizokwenza kangcono uma ngingafunda ezinye izilimu. Bobabili abagadli bayalazi ibhola,” kuchaza uJohnson ekhuluma nabezindaba. 

IChiefs ikhuphukele endaweni yesithupha kwiligi njengoba isiqoqe amaphuzu angu-23. 

IGlamour Boys izobhekana neSekhukhune United emdlalweni weligi wokugcina kulonyaka. Lomdlalo uzobanjelwa ePeter Mokaba Stadium ngomhlaka 30 kuDisemba.