udaba: uSphamandla Gumede

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokoena uthi uyadideka ngamazwi kaMandla Ncikazi othe bathenga eWoolworths amanye amaqembu ethenga eSpar.


Ngemuva komdlalo weligi bebambana neChippa United ngoLwesithathu, uNcikazi wathi iPirates isele ngemuva kwiSundowns ngoba ishoda ngabadlali abaseqophelweni eliphesulu futhi baphazanyiswa ukulimala kwesethenjwa zabo.

URulani uthe iyadida lenkulumo ngoba uNcikazi useke waveza ukuthi lamaqembu asezingeni elifanayo.

“Angeke ngiphendule inkulumo kaMandla ngoba emasontweni adlule waveza ukuthi sisezingeni elifanayo. Manje useyashintsha ukhuluma ngoWoolworths noShoprite.

Angeke ngiphendule ngoba ngiyayihlonipha iPirates. Yinina abezindaba okufanele niqaphele izimpendulo zabaqeqeshi. Izinkulumo zabaqeqeshi zifundisa okukhulu kubalandeli ngebhola.

Kulezindebe zeligi ezinhlanu esizinqobile, bekukhona abaqeqeshi abahlukene. Angeke ungawunaki umsebenzi wabaqeqeshi abangasekho,” kubeka uRulani.

ISundowns inethuba lokuqoqa zonke izindebe kwiPSL kulesizini. Iqlale ngokunqoba iMTN 8 ekuqaleni kwesizini, yalandela ngokugoqa ngeligi ngoLwesithathu.

Izobhekana neRoyal AM emdlalweni owandulela kowamanqamu namuhla. Uma inqoba, izobhekana neMarumo Gallants kowamnqamu ngoMeyi.