Udaba: uSphamandla Gumede

Umqeqeshi oyibamba kwiKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uthi unozinti u-Itumeleng Khune usekubheke ngabomvu ukuqala umdlalo kodwa kufanele alinde.

UKhune (34) usephenduke ifenisha kulesizini njengoba engaqokelwa ngisho ebhentshini uma iqembu lidlala.

Lonozinti usabonakale emdlalweni owodwa kuphela kulesizini, okwaba wumdlalo weMTN 8 beshaywa iMamelodi Sundowns sekukhahlelwa amaphenathi ngo-Agasti 2021.

Usabonakale ebhentshini kabili kwiDSTV Premiership kulesizini njengoba umqeqeshi oxoshiwe uStuart Baxter ebethanda ukusebenzisa uBrandon Peterson, Bruce Bvuma noma uDaniel Akpeyi.

Ukuqokwa kuka-Zwane benoDillon Sheppard kubuyise ithemba kubalandeli abaningi abebelindele ukuthi kudale uKhune ezintini kodwa namanje akushintshi lutho.

UKhune ubengabonwa nangokhalo kulemidlalo emibili yeDSTV Premiership behlulwa yiStellenbosch neGolden Arrows. Yomibili imidlalo iqalwe uPeterson.

UZwane uveze ukuthi uKhune akajabule ngokubekwa ngaphandle.

“UKhune uyawuhlonipha umsebenzi, ngiyamthanda ngoba uyazinikela. Bonke abadlali bafuna ukudlala njalo. Uyafuna ukudlala, ulokhu engqongqozile ejimini. Sekushoda athole isikimu. UBrandon wenza kahle. UBvuma no-Akpeyi nabo bayazimisela.

Bayancintisana kodwa uzolithola ithuba uma kuvuleka isikhala. Siyakholelwa kuye ngoba usenalo ikhono. Unesipiliyoni, uyakwazi nokugqugquzela abadlali.

Wazi ukusuka nokuhlala kweqembu. Ungumuntu onethemba noma engadlali, uzolithola ithuba lakhe uma sekufike isikhathi. Uzobe esekulungele ukudlala ngoba uyawazi umsebenzi wakhe,” kuchaza uZwane ekhuluma nabezindaba.

IChiefs iyibambe endaweni yesihlanu kwiligi, kanti nemidlalo esele imihlanu kuphela. Amathemba okubuyela kwiCAF Champions League abukeka eshabalala ngemuva kokushaywa imidlalo emithathu yeligi ilandelana.

Njengoba iSundowns is iyinqobile iligi kulesizini, Amakhosi asegaqele indawo yesibili ehleli IRoyal AM okwamanje.

IChiefs izothola Ithuba lokuguqula imiphumela yeligi uma isibhekene neCape Town City eFNB Stadium ngoMgqibelo.