Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro usebonge abalandeli beBucs ngokuphuma ngobuningi babo ukuzobeseka emdlalweni wabo naMaZulu FC eMoses Mabhida ngoMgqibelo.
IPirates igcine iwunqobe ngo 4-2 lo mdlalo.
URiveiro uthi ngenxa yokugcwala kwenkundla nomoya wabalandeli, washesha ukubona ukuthi bazoba nomdlalo omuhle.
“Akukholakali ukudlala eThekwini ngoba abalandeli bahlale bephuma ngobuningi. Bekuvunguza umoiya omnandi enkundleni futhi ngijabulile ngokuthi sidlale ngendlela esidlale ngayo, sibanikeze i-show, sathola nomphumela. Ngijabule ngokudlulela esigabeni esilandelayo,” usho kanje.
URiveiro uncome noSuthu ngendlela oludlale ngayo, ethi omabili amaqembu azinikelile enkundleni.
“Ngicabanga ukuthi siwuqale kahle umdlalo, siwuqale ngendlela engifuna sidlale ngayo. Besinomfutho, sakha amathuba, sibancisha umoya kuhhafu wabo. Ngibone singakakori ngisho igoli lokuqala ukuthi umdlalo uzohamba ngendlela esifisa ngayo,” kusho yena.
IPirates izobhekana neChippa United kuma semifinal. Kwenye isemifinal kuqhathwe iStellenbosch FC neMamelodi Sundowns.