Umqeqeshi weBayer Leverkusen uXabi Alonso uthi bazoqhubeka bajabulele ukunqoba isicoco seBundesliga namhlanje kodwa kusasa babuyela kwi-training ngoba kunokunye abasafuna ukukunqoba kule sizini.
U-Alonso nabafana bakhe baqophe umlando kwiBundesliga benqobela iLeverkusen isicoco okokuqala emlandweni wayo. Kusangenzeka kuphele isizini bengayazi induku kodwa bahlalelwe imidlalo eyisithupha. Kuyaqala ukuthi iqembu lifinyelele kumaphuzu awu-79 ngemuva kwemidlalo ewu-29 emlandweni waseGermany.
“Asikadeqi, kunokunye esifuna ukukuzuza kule sizini. Kodwa sizocabanga ngalokho ngoLwesibili. Namhlanje (ngeSonto) nakusasa (uMsombuluko) siyajabula,” usho kanje.
U-Alonso ngenyanga edlule umemezele isinqumo sokuhlala kuleli qembu omunye unyaka noma eshelwa yiLiverpool, Bayern Munich neReal Madrid.
ILeverkusen ihamba phambili ngo 2-0 kwiquarterfinal ye-Europa League neWest Ham. Izobhekana nayo emlenzeni wesibili ngoLwesine.