Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi ukuthola induku okokuqala kule sizini kwiBetway Premiership akumphathanga kabi ngoba kukhumbuze abadlali bakhe ngobunzima beligi okuzomele bayilwele kuze kube sekugcineni.
IBucs ititinywe yiStellies ngoswazi oluncane luka 1-0 ngeSonto ngegoli elivalelwe wuDevin Titus. IBucs ibisinqobe imidlalo eyisikhombisa kulandelana kodwa uRiveiro akaphathekile kabi ngoba bayalingana neMamelodi Sundowns ngamaphuzu.
“Sihlukaniswe amagoli manje futhi kusadlalwe imidlalo ewu-8 kwengu-30. Ngethembe uma ngithi siyazi kuzoba nzima kangakanani, kunzima ukunqoba wonke umdlalo,” kusho uRiveiro ngemuva komdlalo.
“Sifuna ukuqhudelana nabasembangweni wesicoco kuze kufike umdlalo wokugcina…singathanda ukuqhwakela sihamba ngamaphuzu ayishumi phambili, kodwa uma uyiqonda leligi namaqembu esibhekana nawo, ngeke kwenzeke.
“Akungiphethe kabi emoyeni ukudliwa okokuqala. Asidliwanga ngoba sidlale kabi, kuyenzeka. Sizolungiselela umdlalo olandelayo.
IBucs ibizobhekana neMarumo Gallants kodwa yonke imidlalo yangoLwesibili ihlehlisiwe ukuze amaqembu ePSL adlala kwimiqhudelwano yeCAF ezokwazi ukulungiselela imidlalo engempelasonto. NgoMgqibelo Ezimnyama zizobhekana ne-Al Ahly e-Orlando Stadium ngo-3 ntambama.