Umqeqeshi we-Orlando Pirates uthi akakhathazekile ngokuhluleka kwezakhe ukukora emdlalweni wabo neStellenbosch FC ngempelasonto.

Ekhuluma ngemuva komdlalo abashaywe kuwo ngo 1-0 uRiveiro uphikise intatheli yeSuperSport ibuza ukuthi ngabe akuyona yini inkomba yenkinga abasazobhekana nayo kule sizini ukuba buthuntu phambi kwepali.

“Sidlale kahle sazama ukwakha amathuba enkundleni ebhedeyo…bathole ithuba elilodwa basijezisa, kusukela lapho sizamile ukubuya emdlalweni kodwa bavalile emuva okwenze kwaba nzima ukuthi sibuye. Sidliwe emdlalweni wokuqala kodwa kumele siqhubeke ngoba kuza omunye umdlalo kuleli sonto…” kusho uRiveiro.

Uphendule kanje ebuzwa ukuthi ngabe ukuhluleka kwabo ukukora kulo mdlalo kuyinkomba yenkinga yokuba buthuntu phambi kwamapali: “Angivumelani nawe, angicabangi kanjalo futhi angazi kungani usho njalo. IPirates igcine ukudliwa ngoFebruary okusho ukuthi siyawashaya amagoli. Ngeke ngithi sinenkinga ngoba nakhu namhlanje asikoranga.”