Kushode athi ‘wozani la nginitshele mina’ usihlalo weMoroka Swallows, uDavid Magoshoa, eveza ikhasi ebesingalazi ngomqeqeshi weChippa United, uMorgan Mammila.
UMogashoa ubephendula inkulumo kaMammila obezishaya isifuba ngomsebenzi asewenze ebholeni lakuleli esikhathini esifishane. Uchome ngamaphuzu awaqoqele iChippa United ngesizini edlule ngokunjalo nakwenze kwiSwallows athe iqale ukuwina imidlalo emibili ilandelana ngaphansi kwesandla sakhe.
UMogashoa ufakwe wumlandeli ngaphansi kwevideo eshicilelwa kwiTwitter obebuza ukuthi ngabe ukhuluma iqiniso yini, waphendula kanje: “Akangawaqambi amanga. Ubenikezwe umsebenzi wokuphatha icooler box kwiSwallows FC. UMusa [Nyatama] obewumqeqeshi weqembu.

Komunye umbhalo uMogashoa uqhube wathi uMammila ukhuluma kakhulu futhi unamanga.
Ngesizini edlule uMammila uzidonsele amanzi ngomsele echomela abaqeqeshi abaneziqu zokuqeqesh ngokuthola amaphuzu amaningi kunabo ngesikhathi izinto zisamhambela kahle kwiChippa.