Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro ukhale ngesimo senkundla iDHL Stadium beminciswa yiCape Town City emlenzeni wokuqala we-semifinal yeMTN8 ngoLwesithathu.

Lamaqembu abambane ngo 1-1 kulomdlalo ophele iBucs ingasaliboni nebhola njengoba iCity ibihlasela ngamandla.

Kuyiwe ekhefini iPirates ihamba phambili ngegoli likaRelebohile Mofokeng elingene ngomzuzu ka-21. UJaedin Rhodes ushayele iCitizens elokulinganisa sekubuywe ekhefini.

URiveiro ubone kuyinkundla ebashayise udaka.

“Uyibonile inkundla? Sizamile ukudlala ibhola elidla utshani kodwa bekungelula. ICape Town City ibisifakela ingcindezi, nathi besinenkinga yokugcina ibhola. Kusize khona ukuthi sinabadlali abasezingeni eliphezulu, abayijwayele ingcindezi.

“Belingadlaleki ibhola esilijwayele. Isitayela sethu sinobungozi. Siyazi ukuthi sizolahla ibhola kwezinye izikhathi, sihlaselwe ngokuzumisa. Ngibona iqembu likhombisa ukukhula yize sihlangabezane nezinkinga.

“Isizini isanda kuqala, yonke imidlalo yethu inzima. Sithwale kanzima emidlalweni emine, siyodlala owesihlanu ngeSonto,” kubeka uRiveiro ecashunwa abeSuperSport TV.