Umqeqeshi weStellenbosch uSteve Barker ukhuze ukujabula ngokweqile kubadlali kulandela ukushaya into ecokeme behlula iMamelodi Sundowns ngo 1-0 emlenzeni wokuqala we-semifinal yeMTN8 izolo ebusuku.
UFawaaz Basadien ushaye iphenathi ewinise iStellies ngomzuzu ka-62, wayibeka ethubeni lokungena kowamanqamu weWafa Wafa.
UBarker udlule namazwi okubonga kunozinti oqokwe njengomdlali ovelele uSage Stephens otakule iStellies sekuvalwe amehlo sekuyophela umdlalo.
“Ngiyaziqhenya ngokwenziwe abadlali namuhla. Bakhombise ukuvuthwa, ikakhulukazi uSage Stephens ovimbe amabhola ayingozi esiwombeni sesibili.
“Besihleleke kahle, singaxhamazeli futhi nendlela yokudlala ayisilahlekelanga. Besikwazi ebesifuna ukukwenza, sigcine sikwenzile. Ngibongela abadlali ngoba bayilandelile imiyalelo esibanikeze yona.
“Asibanikanga ithuba lokuqala ibhola emuva. Besihlelile ukuthi sizobacindezela, bengakwazi ukuphasa ezikhaleni. Kodwa umdlalo awuphelile, iSundowns iyiqembu elinabadlali abasezingeni, basifakele ukushisa sekuzophela umdlalo.
“Sikujulukele ukungangenelwa yigoli ekuhambeni. Sizobuyela eThekwini sihamba phambili, sizethemba nokuphumelela kwamaqhinga ebesiwahlelile,” kuchaza uBarker ecashunwa abeSuperSport TV.
Umdlalo womlenze wesibili uzobanjelwa eMoses Mabhida Stadium ngeSonto.
UBarker ukhuze abadlali ngokwehlisa ukuzikhandla njengoba sebehamba phambili kulomdlalo.
“Lomdlalo sizowuphinda kabili neqembu eliyingozi, akufanele sizithele ngabandayo. Sizobuyela eKapa kusasa, sagcina ngoLwesine olwedlule ukuba seKapa. NgoMgqibelo sizobuyela eThekwini. Siwulindele ngabomvu umdlalo womlenze wesibili,” kusho uBarker.