Ukuhlulwa emlenzeni wokuqala we-semifinal yeMTN8 akumdikibalisi umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi okholwa ukuthi bazobuya ngamandla emdlalweni wasekuhambeni ngeSonto.

ISundowns ihlinzelwe ekhaya emlenzeni wokuqala ihlulwa yiStellenbosch ngo 1-0 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, ngoLwesithathu. Igoli leStellies kube yiphenathi evalelwe enethini uFawaaz Basadien ngomzuzu ka-62.

Yize amaBrazilians esengcupheni yokuwashiswa ijezi njengoba engenelwe yigoli ekhaya, uMngqithi uthi bazoshintsha umshovo emlenzeni wesibili. 

“Iseyinde indlela kulomqhudelwano. Ngiyazi ukuthi kulindelwe imiphumela emihle yodwa kwiSundowns, ngiyathembisa ukuthi sizoyigaya imiphumela. Kuzobuya iqembu elihlukile emlenzeni wesibili.

“Besidinga ukuthola induku ukuze sizophaphama ebuthongweni ngoba ukuwina isikhathi eside kwenza abadlali bangakulindeli ukuthi bangahlulwa. 

“Ngibona kuyinto enhle ukuhlulwa ngoba kuzosivusa emaqandeni. Nginethemba lokuthi sizokwenza kangcono emlenzeni wesibili,” kusho uMngqithi ekhuluma nabeSuperSport TV sekuphele umdlalo.

UMngqithi uthi umdlalo bawulahle esiwombeni sokuqala, behlulwa ukuphatha ibhola ngendlela abayijwayele.

“Sizidonsele izinkinga ngokungadlali ibhola lethu. Siqale ukubuya emdlalweni ngemuva kokungenelwa yigoli. Besiliphasa ngokushesha ibhola, besilwela ukugqobhoza udonga lwezitha sikhande namathuba. 

“Ukungawasebenzisi amathuba ebhokisini kubizelana izinkinga. Yingakho sijeziswe ngephenathi. Sihlulekile ukuphatha umdlalo esiwombeni sokuqala, besiqhelelene kakhulu. 

“Senze kangcono esiwombeni sesibili, sasondeza abadlali basemuva ezimpondweni ukuze sizoliqala kahle ibhola. Sikwazile ukudlulisa ibhola ezikhaleni kodwa bekungenzeki kahle esiwombeni sokuqala,” kuchaza uMngqithi.

Lamaqembu azogijimisana kowomlenze wesibili ozobanjelwa eMoses Mabhida Stadium ngeSonto.