Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi akanandaba nokugcina ibhola isikhathi eside ngoba ufuna ukubona iqembu lakhe lidlala ibhola elinejubane namandla.

Kujwayelekile ukuthi abaqeqeshi abadabuka eSpain bathande ukugcina ibhola, okwaziwa nge-tiki taka kodwa uRiveiro uthi ufuna ezakhe ziqinise ekubopheni amabhawodi emuva.

“Ngifuna sidlale ibhola elihle, silawule imidlalo kodwa angifuni sigcine ibhola isikhathi eside. Ngifuna iqembu liqinise ngempela uma liphethe ibhola, lifike ebhokisini seligijima.

Ngifuna sidlale ibhola elinejubane namandla, okuyinto enzima uma udlala njalo ezinsukwini ezintathu. Ibhola alidlalwa uma uphethe ibhola kuphela, kufuneka uzicije ngolwazi uqhubeke udlale noma ibhola ungaliphethe njengoba kwenzekile emdlalweni.

Ukuhlasela ngokuzumisa kuyinto ejwayelekile kulezinsuku. Sifuna ukudlala ibhola ngezindlela ezihlukile. Kufanele siqinise emuva uma singaliphethe ibhola.

Ekugcineni sihlela ukuba yiqembu elithandekayo, sifuna ukuba yiqembu elikhulu noma sishaya udaka,” kubeka uRiveiro ekhuluma nabezindaba ngaphambi komdlalo weMTN 8 neRoyal AM.

IBucs izodlala neThwihli Thwahla eChartsworth Stadium ngoMgqibelo.