Ukubuya namaphuzu amathathu kwiKaizer Chiefs emdlalweni weligi kunyuse ukuzethemba kwiCape Town City ezobhekana naMaZulu emdlalweni weMTN 8 namuhla.

Lomdlalo uzobanjelwa e-Athlone Stadium ngehora lesithathu emini.

Ngiyajabula ngojba siwine umdlalo wethu wokuqala kulesizini. Ukunqoba kwiChiefs kubuyise ukuzethemba eqenjini. Kuyaphela ukuzethemba uma uhluleka ukunqoba. Sekubuyile ukuzethemba, kuhle kakhulu ngoba sesizodlala umdlalo wenkomishi,” kubeka ukaputeni weqembu uThamsanqa Mkhize.

Umqeqeshi weqembu u-Eric Tinkler uvumelene noMkhize.

ICity yahlulwa kowamanqamu weWafa Wafa ngesizini ephelile bebhekene neMamelodi Sundowns. Umdlalo waphela sekukhahlelwa amaphenathi eMoses Mabhida Stadium.

UTinkler uthi kusenzima ukwamukela ukuhlulwa kowamanqamu, uthemba ukuthi basengakwazi ukwenza kangcono kulesizini.

“Ngithemba ukuthi ukunqoba kwiChiefs kuzobuyisa ukuzethemba nokulangazelela ukudlala. Imimoya iphezulu eqenjini. Sifuna ukuqhubekela phambi eqenjini.

Sifike kowamanqamu ngesizini ephelile, sihluleke sekusele sishaye iphenathi eyodwa. Sifisa ukwenza kangcono kulesizini,” kusho uTinkler.

UTaariq Fielies wageja iphenathi yokugcina eyayizowinisa iCity kowamanqamu.

AmaZulu azofika kulomdlalo ezikhotha amanxeba ngemuva kokuhlulwa yiGolden Arrows ngo 1-0 kowomkhaya ngoLwesithathu.

UMkhize ulindele umdlalo onzima kuMaZulu ngoba lamaqembu aseke abhekane kwiligi. Usuthu lanqoba ngo 2-1 emdlalweni.

“Ngilindele umdlalo onzima ngoba sidlalile nabo kwiligi eThekwini. Sadlala kahle esiwombeni sokuqala. Sashaya igoli kuqala ngaphambi kokuba babuye namagoli amabili,” kubeka uMkhize.