Umqeqeshi weRoyal AM uKhabo Zondo uthi angeke baqale umdlalo ne-Orlando Pirates becabanga ukuziphindiselela ngoba yabashaya kwiligi ekuqaleni kwenyanga.

Lamaqembu azotholana emdlalweni weMTN 8 namuhla eChartsworth Stadium ngehora lesithupha.

IBucs yanqoba ngo 1-0 ibhekene neThwihli Thwahla emasontweni amabili adlule.

UZondo usongele iBucs, wathi ayilindele umdlalo onzima kwezakhe ngoba zihlela ukubafaka isibhaxu namuhla.

“Angifuni kubukeke sengathi silwela ukuziphindiselela. Sizoyihlelela iPirates emdlalweni weMTN 8. Ngiyathemba angeke befike kulomdlalo benokuzethemba okweqile ngoba basihlula emdlalweni odlule.

Sizohlels kahle, siqinisekise ukuthi siyawanciphisa amaphutha esawenza emdlalweni odlule. Sizoqinisa kakhulu,” kubeka uZondo.

UZondo uthi babuye nezifundiso ezibalulekile beshaya iMaritzburg United ngo 1-0 ngempelasonto.

“Bengikhathazekile ngendlela ebesilahla ngayo ibhola. Akufanele senze kanjalo uma sidlala neqembu elikhulu njengePirates. Kufanele sisebenze kanzima enkundleni, sithathe izinqumo ezikhaliphile.

Kuyenzeka abadlali bashaye amaphasi angemahle, kanti siyashoda ngabadlali esiswini. Isisu sethu sasihluleka ukumaka iMaritzburg eyayigcwele esiswini. Kufanele sikulungise lokho, sifake abadlali ezindaweni ezifanele.

Bekufanele sinqobe. Besidlala kahle kweminye imidlalo kodwa bekuphika imiphumela.

Bekufanele sibuye nomphumela namuhla (ngoLwesithathu). Sishintshile indlela yokudlala, safaka abagadli ababili, sabeka izitobha ezine emuva. Lokho kusisebenzele yize silahle inqwaba yamabhola esiswini,” kubeka lomqeqeshi.