Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro usehlabe ikhwelo kubalandeli beqembu ecela ukuba benciphise amagama alumelayo kumgadli u-Evidence Makgopa kanye nabanye abadlali.
UMakgopa uhhewulwe yidlanzana labalandeli e-Orlando Stadium ngesikhathi iBucs ibambana nePolokwane City ngo 1-1 emdlalweni weligi. Abalandeli bebefuna akhishwe uMakgopa ngoba bembona eshaya udaka enkundleni.
URiveiro uthi ufuna ukubona umehluko kubalandeli njengoba iBucs izodlala neCape Town Spurs ngoLwesithathu.
“U-Evidence ubedlala okokuqala kwiPirates, bekubalulekile ukuthi simeseke sonke siyithimba labaqeqeshi, abadlali kanye nabalandeli.
Abadlali bazodlala kangcono uma bebona ukuthi bathola ukwesekwa. Kubalulekile ukweseka nokunakekela abadlali abasebancane ngoba kugcwele bona eqenjini,” kuchaza uRiveiro kwabezindaba.
URiveiro uthi ukudlalela iBucs kufakela abadlali ingcindezi ngoba babhekwe abalandeli. Lomqeqeshi ubeke umzekelo ngoTerrence Dzvukamanja obengathandwa iningi labalandeli beqembu ngesizini ephelile.
“Kufanele simethembe umdlali esigadla ngaye. Lokho kuzokwenza kube lula ukuthi ashaye amagoli, aphinde atholane nozakwakhe. Kodwa kuyaphoqa ukuthi simelane nengcindezi ngoba sizosebenza kwiBucs.
Bekunesimo esifanayo ngomgadli ngesizini ephelile. Wangena sekusele imizuzu elishumi kuphele sibhekene neGolden Arrows, walandela ngokushaya igoli elasinikeza amaphuzu amathathu. Abalandeli banciphisa umsindo.
UMakgopa ubenethuba lokushaya igoli lesibili emdlalweni, okuyinkomba yokuthi izinto ziyahlangana. UMakgopa ufuna ukukhombisa ukuthi ungumdlali osezingeni lokuba ifolosi lePirates,” kuchaza uRiveiro.