Isitobha seGolden Arrows uThabani Zuke sithi asikujahile ukuthola isikimu njengoba sesiluleme ngokugcwele.
UZuke (25) walimala edolweni kanzima (ACL) ezakhe zibhekene neKaizer Chiefs kwiDSTV Premiership ngomhlaka 31 kuDisemba ngonyaka odlule.
Lomdlali useqalile ukujima neqembu elikhulu kodwa udalula ukuthi angeke azifakele ingcindezi yokubuyela enkundleni.
“Ngiyajabula ngoba sengibuyile. Nginesikhathi eside ngingadlali, lokhu ngagcina ngomhlaka 31 kuDisemba. Angijahile ukudlala njengoba sengibuyile. Bengilimele isikhathi eside.
Kungenzeka ngithunukale uma ngizojaha ukudlala ekubeni ngingekho esimeni esihle. Ngiyajabula uma ngibona iqembu liqhuba kahle, ngizothatha isikhathi sami,” kuchaza uZuke obekhuluma nabezindaba izolo.
Njengoba i-Arrows iyiqale ngegiya eliphezulu isizini, uZuke uthi ulindele ukuthwala kanzima embangweni wejezi.
“Ingcindezi ikhona kodwa kufanele ngicabangele iqembu. Akufanele ngizibeke phambili. Ngaphoxeka ngokulimala ngoba ngase ngibizwa nasesikwatini. Izinga lami laliphezulu ngaleso sikhathi.
Angeke kube lula ngoba iqembu lenza kahle kuzona zonke izindawo. Nabadlali abangasitholi isikimu benza kahle ejimini. Kulele kimi ukulwela indawo eqenjini,” kuchaza uZuke.
Abafana Bes’thende bazodlala nomkhaya AmaZulu kwiquarterfinal yeCarling Knockout eMoses Mabhida ngoMgqibelo.