UJose Riveiro ubone umehluko omkhulu eqenjini lakhe ebezibuya endukwini kwiMaritzburg United eyabashaya ngempelasonto edlule kwiligi.
IBucs ishaye iTS Galaxy ngo 2-0 e-Orlando Stadium izolo. Lomphumela ubeke iPirates esicongweni okwesikhashana, wehlisa nezinkulumo ngendlela yamagoli ebhekene naleliqembu.
“Besibuya emdlalweni ongemuhle weMaritzburg United ngesonto eledlule. Iqembu likhombise ukuvuthwa emqondweni.
Siwulungiselele kahle umdlalo, asikaze sibeke izaba ngokuhlulwa yiMaritzburg. Silele kabusha, sazama ukuthola indlela ezosinqobisa.
Besihlele ukunqoba namuhla, yingakho abadlali bezinikele ngalendlela,” kubeka uRiveiro ekhuluma nabeSupersport TV.
URiveiro uthi ubelindele ukuthi igcine iphelile indlala yamagoli ebibhekene neqembu emidlalweni eyedlule.
“Indaba yokungashayi amagoli iyangikhathaza. Kufanele sikhulume ngayo. Kuyiqiniso ukuthi besishweba phambi kwamapali.
Kuyiqiniso ukuthi besingakhathazekile ngalokho. Kufanele siqhubeke nokukhanda amathuba. Kuzokwenzeka ukuthi siwaqedele amathuba uma sekufike isikhathi. Namuhla kwenzekile, lokho kwenza izinto zibe lula,” kubeka lomqeqeshi.