Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uthi iyamxaka indaba yabantu abagxeka iqembu lakhe uma lehlelwe yifomu okwesikhashana kweminye imidlalo.

URulani ubekhuluma ngemuva komdlalo weDSTV Premiership beshaya iGolden Arrows ngo 2-1 izolo ebusuku.

IDowns ithwale kanzima kulomdlalo, yanqoba ngephenathi kaPeter Shalulile kanye negoli okube umkhonto ogwaze ekhaya kuNdlovu we-Arrows.

Igoli le-Arrows lishaywe uPule Mmodi ngemuva kwemizuzu emibili kubuywe ekhefini kodwa iDowns ishaye elesibili sekusele imizuzu engu-20 kuphele umdlalo.

“Angazi ukuthi baqhamuka kuphi labantu abangabaza iqembu lethu, ngiyabona baningi abantu abangagculisekile ngeqembu lethu. Anginalo ulwazi lokuthi baqhamuka kuphi nokugxeka kwabo.

Siyabathemba abadlali, nabo bayakwazi lokho. Bayazethemba nabo, leliqembu lisanda kuhlulwa.

Sesihluwe emidlalweni eyisithupha kuphela eminyakeni emibili edlule. Angazi ukuthi abagxekayo babona ini. Sizoqhubeka nokuzimisela,” kubeka uRulani ecashunwa abeSuperSport TV.