Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena ubabaza ikhono eliyisimanga alibona kumgadli omusha u-Abubeker Nasir.
UNasir ungene esiwombeni sesibili iSundowns ihlulwa yiTS Galaxy ngo 1-0 kwiDSTV Premiership ngoLwesithathu. UNasir ukhombise ukuvuthwa ebholeni yize etholwe isikhashana enkundleni.
“Silindele ngabomvu ukusebenzisa uNasir ngoba uzosinikeza okuhlukile uma uqhathanisa nabagadli esinabo eqenjini. UNasir uneminyaka engaphansi kuka-23, lokho kuchaza ukuthi unethalente okufanele silivikele.
Kufanele sehlise umoya ngoNasir ngoba Unga phansi kwengcindezi. Uphuma kwiligi abengumshayimagoli ohamba phambili kuyo, bekungenzeka akuphinde lokho kulesizini ukube uyiqedele khona e-Ethiopia.
Kunzima ukubheka ikhono labadlali abasebancane ngokweminyaka kodwa isipiliyoni esinaso sokusebenza kwinkulisa sizosiza kakhulu ekuzameni ukukhuculula ithalente lakhe, anyukelwe izinga.
Lokho kuzodinga isikhathi, kufanele sehlise umoya uma sikhuluma ngoNasir. Ithalente lakhe lizobonakala kodwa asimnikeze isikhathi,” kubeka uMokwena.