Ibuye ngegiya eliphezulu imidlalo yeDStv Premiership ngempelasonto edlule, yaqhubeka la egcine khona phakathi nesonto. Kule mpelasonto sibheke kwihlandla lesithathu lemidlalo. Abaningi bazobe begade umdlalo ophakathi kompetha beDStv Premiership, iMamelodi Sundowns, neKaizer Chiefs. Kweminye imidlalo ebukeka izoba mnandi singabala owaMaZulu neCape Town City, Stellenbosch vs Royal AM kanye nowe-Orlando Pirates neChippa United.
Kule preview sicebisa amaphanta ngemidlalo yeDStv Premiership kule mpelasonto.
NgoLwesihlanu | 12 August 2022
14/10 Maritzburg United | Draw 2/1 | Swallows 22/10 (19:30)
Umdlalo wokuqala impelasonto. IMaritzburg United isale izisola yona ngokutitinywa yiKaizer Chiefs ngo 3-0 ngoLwesibili. Umqeqeshi wayo uJohn Maduka uvumile ukuthi badliswe amaphutha abadlali, kodwa okunye okuqaphelekile kulo mdlalo wukuthi iTeam of Choice yayihlukela ukwakha amathuba ayingozi odongeni lweChiefs. Uma idlala ekhaya nokho iMaritzburg iza ngomunye umfutho ngakho ngilindele ukuthi ihlasele kulo mdlalo. ISwallows ibe nomdlalo omuhle ngoLwesibili ibhekene neCape Town City, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala. Abadlali bayo abahlaselayo bakukhombisile ukuthi basazodalela amaqembu amaningi inkinga. Double chance: Ngibona iMaritburg iwunqoba lo mdlalo noma uzophela zibambene.
NgoMgqibelo | 13 August 2022
8/10 Mamelodi Sundowns | Draw 23/10 | Kaizer Chiefs 36/10 (15:00)
IMamelodi Sundowns izobe ifuna ukuqoqa amaphuzu aphelele kulo mdlalo ikakhulukazi njengoba idliwe phakathi nesonto ibhekene neTS Galaxy. Noma idliwe iSundowns, ibidlala ingcwenga yebhola edume ngalo kodwa yahluleka ukugqobhoza udonga lweGalaxy. IChiefs ngenhlanhla akulona iqembu elipaka ibhasi, okuchaza ukuthi ingalindela umdlalo ovulekile, okungase kuyivulele amathuba amaningi. IChiefs ijabulise abalandeli bayo abaningi ababejabhile idliwa zisuka ngesikhathi ivithiza iMaritzburg ngo 3-0 kuleli sonto. Ibe nomdlalo omuhle noma umqeqeshi wayo u-Arthur Zwane engagculisekanga kakhulu ngendlela ababedlala ngayo umdlalo wonke. Ngicabanga ukuthi akezukushintsha okuningi emdlalweni neSundowns. Ngibona isiwombe sokuqala siphela zibambene, kodwa ngilindele ukuthi iChiefs inqobe.
7/4 AmaZulu | Draw 2/1 | Cape Town City (20:00)
AmaZulu angelinye lamaqembu abukeka eqinile kule sizini ngenxa yabadlali abasha abasayinisiwe namava omqeqeshi uBrandon Truter. Abuye edliwe anqoba umdlalo ngo 2-1 ebhekene neSuperSport United ngoLwesithathu. ICape Town City ebithwelwe ngeqoma ngaphambi kokuthi iqale isizini idlala ibhola elihle kodwa isabhekene nenkinga yokuvuza emuva nokungavaleli amathuba phambili. Njengamanje iyibambe kunombolo 15 emsileni kulandela ukushaywa iSwallows neSundowns emdlalweni emibili edlule. U-Erik Tinkler nezakhe bazobe bengaphansi kwengcindezi yokuthi babuye namaphuzu aphelele kuSuthu kodwa ngeke kube lula neze. Ngibona AmaZulu ebafaka induku abafana baseKapa futhi azokora kuqala kulokhu.
Eminye imidlalo yangoMqibelo
Marumo Gallants vs Golden Arrows | Prediction: draw
Stellenbosch vs Royal AM | Prediction: Royal AM win
Richards Bay FC vs Sekhukhune | Prediction: first half draw
NgeSonto | 14 August 2022
13/20 Orlando Pirates | Draw 26/10 | Chippa United (15:00)
I-Orlando Pirates izozama ukuqhubeka nomgqigqo wayo ngeSonto uma isibhekene neChippa United engayazi iwin kule sizini. IPirates ithwale kanzima ibhekene neStellies phakathi nesonto emdlalweni ogcine uphele zibambene ngo 1-1. Nakuba yayiphethe u-62% webhola iPirates, ayikwazanga ukwakha amathuba anele ukugqobhoza udonga lweStellies. Yashayela unozinti kabilu kuphela umdlalo wonke, amanye amashodi amahlanu ayezibhekele eceleni. Ngibona lo mdlalo unikeza iPirates ithuba lokuthi ilungise indlala yamagoli njengoba isashaye amabili kuphela. Noma kungayihambeli kahle iChippa njengamanje, ikuvezile ukuthi ayilona iqembu elilula ngesikhathi ibambana neSuperSport United ngo 1-1. Nayo ibhekene nenkinga efanayo nePirates phambi kwamapali. Izobuya namaphuzu aphelele iBucs kodwa umdlalo angiwuboni uba namagoli angaphezulu kwamathathu.
Omunye umdlalo ngeSonto
TS Galaxy vs SuperSport United | Prediction: TS Galaxy win
Zibeke ethubeni lokuwina ivoucher kaR100 yaseHollywoodbets. Odinga ukukwenza nje ukushera le-post kuFacebook nombhalo wakho usho ukuthi uwubona uphela kanjani umdlalo ophakathi kweMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs bese ufaka ihashtag ethi #GibelaSportPredictor. Umncintiswano uzovala ngoMgqibelo (13 August 2022) ngo-11 ekuseni.
Ngilandele kwi-Twitter: @mcebo_khuba