UPitso Mosimane usekubeke obala ukuthi kunemisebenzi emibili esibekwe etafuleni lakhe, owodwa owokuqeqesha iqembu, omunye owokuhola iqembu lesizwe.
UPitso akanalo iqembu kusukela wasula kwizinkunzi zaseGibhithe i-Al Ahly ngoJuni.
Uthi usemagange ngokubuyela ebhentshini ayoqeqesha.
UPitso ubeke kanje ekhuluma noThabo Mdluli ohlelweni iTheCMShow oludlala kuRadio 702.
“Kudala ngibuza abaphathi bami ukuthi ngizobuyela nini emsebenzini. Kukhona iqembu elikhulume nami kanti ngilikhonzile vele. Kukhona iqembu lesizwe, neqembu elidlala iligi. Iqembu lesizwe linabadlali abahle abangakwazi ukunqoba i-AFCON.
Ngiyawathanda amaqembu afuna ukuthi ngiqale phansi, ikakhulukazi lawo angenawo umlando wokunqoba izindebe. Iqembu ebengiliqeqesha eNingizimu Afrika lahlala iminyaka eyisikhombisa linganqobi indebe, kodwa ngafika nomehluko.
Kuyafana ne-Al Ahly ngoba ihlale iminyaka eyisithupha inganqobi lutho e-Afrika. Sidlale kabili kwiClub World Cup, safinyelela kabili kwiCAF Champions League. Siphinde sadlala iCAF Super Cup kabili. Besizidlela amahlanga kwiCAF.
Ngiyalithanda leliqembu lesizwe ngoba alikaze liwine neyodwa indebe kodwa ikhona labadlali liyamangaza. Ngicabanga ukuthi sonke siyafuna ukwenza izinto ezibonakala sengathi kunzima ukuzenza,” kubeka uPitso.