Umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic usephumele obala ngokufonelwa wuRulani Mokwena waveza ukuthi lo mqeqeshi weMamelodi Sundowns wayesho ukumudla ocingweni kulandela ukungqubuzana kwabo ngaphambi kwe-AFCON.

URamovic uthi uRulani wakhwela wadilika kuyena ngesikhathi bekhuluma isikhathi esingangemizuzu ewu-10 ocingweni.

URulani washayela uRamovic ucingo ngemuva kokugxekwa yilo mqeqeshi emsola ngokubukela abadlali bakhe phansi ngesikhathi ekhala ngokudlala ngaphandle kwabadlali ababesekhempini neBafana Bafana kulandela umdlalo wabo kwi-last 16 kwiCarling Knockout.

Ekhuluma ngokuthinta uRamovic uRulani uthe ngeke angene agamanxe kwizinto azisho kuye kodwa ukuqinisekisile ukuthi wamthinta wazwakalisa ukungenami kwakhe. Uveze nokuthi noHugo Broos wamthinta ngemuva kokumbiza ngoJose Mourinho waseNingizimu Afrika ngaphambi kwe-AFCON. Uthe naye wamazisa ngokungenami kwakhe kodwa ngeke akudule akusho kuye.

URamovic, usekukhombise kaningi ukuthi akalali epassage, uvele waphumela obala waveza ukuthi lo mqeqeshi wamthuka wambuza ukuthi ngabe uyazi yini ukuthi ngobani abazali bakhe. Uthi uRulani wamthinta ngo29 December ngemuva kwengxoxo noMudau ayembone ezitolo wambuza ukuthi ‘uzongithenga nini mqeqeshi? (sakuncokola)

“Ngamtshela ukuthi ngeke ngikwazi ukumthenga ngoba uyabiza. Wabe esengibuza ukuthi kungani ngilwa nomqeqeshi wakhe, ngamtshela ukuthi angihlosile ukulwa nabantu. Ngamchazela into enginichazele yona. Ngeke ngivumele muntu abukele phansi abadlali bami…ngamtshela nokuthi akatshele umqeqeshi wakhe ukuthi akayeke ukubukela phansi abanye abadlali, nabadlali bami.” kusho uRamovic ekhuluma nabezindaba.

“Ngemuva kwalokho ngathintwa wuRulani, ngathi ngisaluphendula nje ucingo waqala wamemeza…ngizozama ukuba mfishane kule nsambatheka ayeyikhuluma kodwa wathi ‘ucabanga ukuthi uwubani ukuthi ungeza ezweni lami ukhulume kanje ngami?’ ngicaphuna amazwi akhe. ‘Uyazi obani abazali bami?’ ‘Qaphela ukuthi ukhuluma kanjani ngoba usezweni lami'”

URamovic uthi inkulumo kaRulani yayiphelezelwa yinhlamba, kodwa wamtshela ukuthi akakugqiziqakala ukuthi uzalwa wubani.

“Ngaphoxeka kakhulu. Indlela angiphatha ngayo njengozakwethu yangikhombisa ukuthi unengqondo encane.”