Owayengumdlali weFC Barcelona neBrazil, uDani Alves, ugwetshwe iminyaka emine nezinyanga eziyisithupha ebhadla ejele ngecala lokudlwengula owesifazane endaweni yobumnandi ngo-2022.
Inkantolo yaseBarcelona ithole u-Alves enecala namhlanje ekuseni kulandela icala eliqale ukuqulwa kule nyanga. U-Alves (40) onezingane ezimbili, uzoqala isigwebo sakhe namhlanje kanti uphinde wayalelwa ukuthi akhokhele ummangali uR3 million. Kuleli sonto ummeli wakhe uke wazama ukumncengela enkantolo eveza ukuthi lo mdlali akasenamali.
U-Alves usehlale isikhathi esingangonyaka eBrians 2 Prison, eBarcelona.
Ngesikhathi liqulwa icala u-Alves wavuma ukulala nowesifazane oneminyaka ewu-23 kodwa uthi babevumelene. Owesifazane uyakuphika lokho.
Ngesikhathi ikhipha isinqumo inkantolo iveze ukuthi kunobufakazi obuqinile obukhomba ukuthi lo wesifazane wadlwengulwa ngakho utholwe enecala u-Alves.
Abashushisi bebefuna agwetshwe okungenani iminyaka ewu-9, okumehlisele iminyaka wukuthi useyikhokhile imali okuthiwa akayikhokhele ummangali.