Umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic usaqhubeka nokujovana noRhulani Mokwena njengoba esevele wambhuqa ngesililo athi saqhuma kuvela ukuthi uyahamba eChloorkop.

URulani ujoyine iWydad Athletic Club ekuqaleni kwenyanga kulandela ukushiya kwakhe kwiMamelodi Sundowns. 

IRaja, enqobe iBotola Pro League neThrone Cup ingakaze ithole isibhaxu isizini ngesizini ka-2023/24, ayinaye umqeqeshi njengoba uJosef Zinnbauer eshenxile esikhundleni. 

UZinnbauer uthole amadlelo aluhlaza kwi-Al Fateh yaseSaudi Arabia okukindelwe ukuthi imethule ngokusemthethweni ezinsukwini ezilandelayo.

Kubikwa ukuthi iRaja imbeke eqhulwini uRamovic owenze umsebenzi oncomekayo ebeka iRockets kwi-top 8 ngesizini edlule.

URamovic ukhulume nabezindaba ngemuva komdlalo weMpumalanga Premier’s International Cup ezakhe zibambana ngo 2-2 neMbabane Swallows. 

“Angicabangi ukuthi kufanele ngilishiye iqembu ngoba ngiyibonile inkulumo kaRulani ethi ukhalelwe abadlali, izingane namakhosikazi ngesikhathi ehamba kwiSundowns. 

“Angifuni ukuhamba ngoba lokho kuzokhalisa abadlali, ngibala nabadlali beSundowns. Nezingane ezincane bezikhala, ngisho namakhosikazi abekhala. Angifuni ukuhamba eqenjini ngoba kuqhume esikhulu isililo kuhamba uRulani,” kubeka uRamovic ekhuluma nabezindaba.

NgoMgqibelo, uSihlalo weqembu uTim Sukazi uyibusisile indlela kaRamovic uma ekhetha ukujoyina iRaja. 

Ebuzwa ngodaba lweRaja, Ramovic uthe uzimisele ngokuqhubeka kwiGalaxy. 

“Yimina umqeqeshi weqembu. Ngizimisele ngokuzikhandla kwiTS Galaxy, ngizogxila eqenjini, angikucabangi okunye. Ngisekhona eqenjini, sifuna ukuqhubeka nokwenza kahle. Ngifuna iqembu lihlezi liwulungele umdlalo wokuqala weligi,” kusho uRamovic.

Komunye umdlalo wePremier’s International Cup, i-FC Augsburg ihlule iYoung Africans ngo 2-1. IGalaxy ne-Augsburg bazobhekana ngoMgqibelo ngesonto elizayo.