Umqeqeshi weWydad Athletic Club uRulani Mokwena usezithwese ijoka lokuqeda ngesomiso sokunqoba iChampions League kuleliqembu laseMorocco elibalwa namakhulu e-Africa.
IWydad izifake kwezikhulu ihlazo ngesizini ka-2023/24 ephele ingatholanga neyodwa indebe. Leliqembu liphume endaweni yesihlanu kwiBotola Pro League, lakhishwa esigabeni samaqoqo kwiCAF Champions League.
URulani uthi ukunqoba amaChampions League amathathu akwanele eqenjini elikhulu njengeWydad. Leliqembu lagcina ukuphakamisa iChampions League ngo-2022 lishaya i-Al Ahly kowamanqamu.
“Ngijabule ngokuba umqeqeshi weqembu elikhulu kangaka. Iqembu likleliswe endaweni yesibili e-Africa, lokho akufanele kuthatheke kalula.
“Kufanele sizame ukunqoba amanye amaChampions League. Sizoqala ukusebenzela lokho ngoba akwanele ukunqoba amaChampions League amathathu uma useqenjini elikhulu njengeWydad,” kusho uRulani ekhuluma kuMetro FM.
Ukubhacaza kweWydad ngesizini edlule kuchaza ukuthi angeke ibonakale emiqhudelwaneni yeCAF kulesizini ezoqala.
URulani ubona kufanele baqale ngokubuyisa isithunzi eMorocco, bawine isicoco seligi.
“Kufanele siqinise kwiligi nemiqhudelwano yasekhaya. Kumele sizame ukunqoba isicoco seligi, sengeze kwisibalo sezicoco ezingu-22. Kuzodingeka sizikhandlele ukwedlula isibalo sezicoco zeligi esiziwinile ngaphambilini.
“Into ebalulekile ukuthi ngibeke iqembu esimeni esingcono kakhulu,” kusho uRulani.