Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena usephinde wagadla kuSead Ramovic opheka iTS Galaxy, amchaze njengomuntu ofuna ukunakwa abezindaba.
URulani ubephendula inkulumo kaRamovic owadalula ukuthi wachashwa ngenhlamba esabekayo ngesikhathi esocingweni nalomqeqeshi weDowns.
URulani uthi akasafuni ukuphikisana noRamovic.
“Ngizokhuluma naye ocingweni uSead uma kukhona engifuna ukukudlulisa kuye. Angiboni kufanele ngidalule ingxoxo yethu esidlangalaleni. Anginankinga uma eqhubeka nokungikhuluma, bakhona nabanye abaqeqeshi abangikhuluma kabi.
“Ukukhuluma ngemali ekhishwa yiqembu kufana nokudelela umndeni wakwaMotsepe onikelela ngemali ebholeni nakwezinye izindawo. Umndeni unikelela ngisho abafundi ezikoleni. Angiyithandi lenkulumo.
“Kufanele siqikelele singabaqeqeshi ngezinto esizikhulumayo. Kungani kufanele ngikhulume ngeTS Galaxy? USead
akayena umnikazi weqembu. Iqembu liphethewe uTim Sukazi engimhlonipha kakhulu,” kuchaza uRulani kwabezindaba.
ISundowns ivulele induku ka 3-0 kuMaZulu eLoftus Stadium ngoLwesibili, yavula igebe lamaphuzu angu-12 esicongweni seDSTV Premiership.
URulani utshele abezindaba ukuthi banake uRamovic ngoba yilokho akufunayo.
“Kufanele nimnake ngoba ufuna ukulandelwa. Kumele ngabe senizibonele manje. IGalaxy isinqobe imidlalo emihlanu ilandelana, kufanele nimnake, nimncome.
“USead uyazicelela ukunakwa, usenqobe imidlalo emihlanu ilandelana, akekho obhala ngalokho, qinisekisani ukuthi niyakubhala lokho ezindabeni.
“Uzoqhubeka afune ukunakwa uma ningamnikezi into ayifunayo. Yingakho ehubha umuntu ofana nami. Ngiyacela ninake lomqeqeshi ngoba uzifunela lokho. Noma ningamukhomba kwamanye amaqembu, yilokho akufunayo,” kuchaza uRulani.
Kuzoqhuma sanhlamvana ezinye ziyofeketha uma sekutholana IDowns neTS Galaxy koweligi ngomhlaka 06 kuMashi.
URulani uthembise ukumxhawula uRamovic uma esondeza isandla.