Umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic uthi alikho iqembu elingeke likujabulele ukuba noSamir Nurkovic kwiPSL futhi unethemba lokuthi uzogwema ukulimala kuze kuphele isizini ngoba ulindele lukhulu kuye.
UNurkovic (31) useshaye amagoli ayisithupha emidlalweni engu-14 kulesizini yize ejwayele ukungena esiwombeni sesibili esuka ebhentshini.
Lomdlali uxinwe ukulimala iminyaka emibili, okuholele ekutheni iGalaxy iqikelele uma imsebenzisa ngoba isabela ukuthi uzothunukala.
Lomgadli ubukeka esebuyela ezingeni lakhe elagcina ukubonakala ngesizini ka-2019/20 eqhulula amagoli kwiKaizer Chiefs
URamovic uthemba ukuthi lomgadli angeke esaphazamiseka kulesizini njengoba ezakhe zinesikwati esincane.
“USamir ukwelinye izinga njengomgadli. Angikaze ngimbone umgadli ozimisela njengoSamir enpilweni yami. Unengqondo ehluzekile futhi ungumuntu ophilisisana nabanye abantu.
“Sinenhlanhla yokuba nomdlali ofana noSamir eqenjini, umzimba wakhe usuyavuma manje, uzosisiza kakhulu, sisalelwe imidlalo engu-13 kwiligi, kusengenzeka sidlale emine kweyenkomishi,” kuchaza uRamovic kwabezindaba.
URamovic uthi lo mgadli ubaluleke kakhulu ezinhlelweni zakhe.
“Ubalulekile uSamir. Ngithemba ukuthi angeke alimale noma kuthinteke abanye abadlali. Isikwati sethu sinabadlali abangu-22 kuphela. Sijabule ngeqembu noma linesibalo esincane.
“Akekho umdlali oseke walimala eqenjini lethu, lokhu kufakaza ukuthi abadlali siyabanakekela ngendlela. Ngizobongela ithimba labaqeqeshi lonke, uSamir akazange alimale, ujima ekhululekile.
Wonke amaqembu kwiligi engakujabulela ukuthola uSamir. Sijabule ngaye, nginethemba lokuthi sizobona okuningi kuye,” kuchaza uRamovic.
UNurkovic useshaye amagoli angu-27 emidlalweni engu-92 selokhu afika eNingizimu Afrika ngo-2019.