Umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic uthi iqembu lakhe belibhekene nesambane ngesikhathi lihlulwa i-Orlando Pirates ngo 2-0 emdlalweni weligi.
Umkhonto ogwaze ekhaya kuGiven Msimango kanye negoli likaZakhele Lepasa esiwombeni sokuqala kunqobise iBucs e-Orlando Stadium ebicwebile ngabalandeli.
“Besihlelele ukunqoba lomdlalo. Besifuna ukuyifakela ingcindezi iPirates. Besinebhadi namuhla. Singenelwe amagoli amabili, okube inhlanhla kwiPirates.
Angifuni ukuphawula ngamagoli enhlanhla. Sidlale nelinye lamaqembu adlala ibhola elihle eNingizimu Afrika. Kunzima ukudlala neBucs. IPirates yabhekana nebhadi idlala neChippa United.
Namuhla inhlanhla iqondane nePirates. Ngiyalibongela iqembu lami, sidlale kahle, sabafakela ingcindezi. Besihlelekile enkundleni.
Kuzoba nzima kodwa sizoyithola inhlanhla. Kufanele silungise kangcono. Siqinisekise ukuthi sibuya namaphuzu agcwele emidlalweni elandelayo,” kubeka lomqeqeshi.
Ngicasukile ngendlela esidlalwe kabi ngayo. Okubi ukuthi kwengezwe imizuzu emithathu ebhodini. Kulungile kodwa. Bengilindele imizuzu eyisikhombisa. Angifuni ukubeka izaba. Sihluliwe. Kufanele silungise izinto, silungiselele imidlalo elandelayo,” kubeka uRiveiro.