Uwuqale ngamaphuzu amathathu umsebenzi wokubamba isikhunda somqeqeshi kwiChippa United uMorgan Mammila ezakhe zishaya AmaZulu ngo 2-1 eMoses Mabhida ngoMgqibelo ntambama. Nakuba edlale kahle esiwombeni sokuqala AmaZulu, ngomzuzu ka-6 iChilli Boys ithole ithuba lokuzibeka phambili kulo mdlalo ibhola lishaya uRamahlwe Mphahlele engalweni esebhokisini. URoscoe Peterson uthe ngibonwa yini walivalela phakathi. Umdlalo ubuza kahle kuSuthu ngemuva kokungenelwa yigoli kodwa iChippa ibisayingozi uma ihlasela ngokuzuma. Ingcindezi ebifakwa wuSuthu luzama ukubuya kulo mdlalo ivule isikhala emuva.
Noma ebifinyelela kunozinti weChippa, uKwem waze washaya ipali, AmaZulu ahlulekile ukusebenzisa amathuba phambi kwepali. Kuze kwakhala elinye igoli ngomzuzu ka-43; u-Azola Matrose edabula kalula kubadlali baMaZulu, ngaphambi kokushaya uVeli Mothwa ngeqagela walivalela phakathi. Mhlawumbe uMothwa ubengenza kangcono ngokungajahi ukuphuma epalini kuleli goli, ngoba uMatrose uwumdlali onejubane futhi ojikanayo.
Nasesiwombeni sesibili AmaZulu abenenkinga nejubane leChippa United. Ngalo mphumela iChippa ishovele iKaizer Chiefs kunombolo 14, yakhuphukela ku-13. Ngomzuzu ka-65 uBrendon Truter uzamile ukushintsha izinto ngokukhipha uGeorge Maluleka wafaka u-Ethan Brooks, wakhipha noKeagan Buchanan wafaka uVeluyeke Zulu, obewumdlali weChippa ngesizini edlule, kodwa akuwuguqulanga kakhulu umdlalo. AmaZulu aze akwazi ukubuyisa igoli ngesikhathi esengeziwe ngemuva kwa-90 uZulu engqofa ngekhanda ibhola eligotshwe wuSkhakhane. Umdlalo uphele kabi uKwem ekhishwa ngekhadi elibomvu ephusha umdlali weChippa ngesandla ebusweni.
Komunye umdlalo weDStv Premiership neStellenbosch ishaye iSwallows ngo 2-1 eGoli yakhuphukela kunombolo 8 kwi-log. Bekungokwesibili iwina emdlalweni ewu-7.