Umengameli Cyril Ramaphosa usephendule izinkulumo ezithi umkhonto ugwaze ekhaya ngesinqumo sakhe sokukhipha uMnuz Jacob Zuma ejele singakapheli isigwebo sakhe sezinyanga eziwu-15.

URamaphosa ne-ANC basolwa ngokudedela uZuma ejele singakapheli isigwebo sakhe ukuze ezokhankasela inhlangano ebusayo ngaphambi kokhetho olungo-May 29 nonyaka.

UZuma ukushaya indiva ukukhankasela i-ANC, kunalokho wamemezela ukuthi uzovotela iMK Party, kwadlula izinyanga kwabe sekuvela ukuthi nguye ozobe ehole le nhlangano.

Ephendula lokhu kuhlaziya uRamaphosa uthi wayengaqondile ukukhipha uZuma yedwa ejele ngesinqumo sakhe.

“Ngesikhathi ngithatha isinqumo, sasingahlobene nowayengumengameli wakuleli uJacob Zuma kuphela. Yisinqumo esasithinta abantu abaningi abebedinga ukwehliselwa izigwebo [ngezizathu ezihlukene].

“Angizisoli ngaleso sinqumo. Okwenzeka phakathi kwe-IEC [noZuma] yinto ejwayelekile kwezepolikiti nezombusazwe.”