Londiwe Mthethwa
Umndeni kaBianca Khuzwayo uthi namanje usazibuza ukuthi kaze ingane yabo yamenzani uSizwe Ngema obevele enkantolo yemantshi eThekwini izolo ecaleni lokubulala.
UConstable Sizwe Ngema (27) usolwa ngokugwaza abulale uYolanda ‘Bianca’ Khuzwayo (23) ngoMarch 31 eflethini elikuJoseph Nduli Street eThekwini. Bebesebenza ndawonye emaphoyiseni omkhandlu eThekwini.
Ngemuva kokumbulala waqopha ivideo wayithumela emalungwini omndeni waphinde wayinameka
ezinkundleni zokuxhuma.
Ngenxa yokungena kwalolu daba ezinkundleni zokuxhumana iningi labantu belifuna ukwazi ukuthi kwakwenzenjani eze embulala. Nomndeni wakhe uthi uzibuza umbuzo ofanayo namanje.
Engxoxweni nabezindaba uMpume Khuzwayo, owuMamkhulu kaBianca, uthe bafuna ukubona ubulungiswa.
“Asazi ukuthi ingane yethu imenzeni. Ngokuqonda kwethu uBianca ubengakhulumi kakhulu. Kusho ukuthi
lo mfana ubemdonsa ngekhala. Ekumphatheni kwakhe ngale ndlela wabe eseyibulala ingane. Mayejabule ngalokhu kulungile,” usho kanje.
Eqhubeka nenkulumo yakhe uthe njengomndeni bake bezwa ukuthi umsolwa uyamhlukumeza
uBianca, ukuthi ubengathandi ukufaka abadala ezindabeni zakhe.
“Kodwa sibonile ekugcineni. Ngosuku ambulala ngalo wayesebize uMamncane wakhe efuna ukugonyuluka ngakhokonke kwasho ukuthi ke usembulele,” kuqhuba uNksz Khuzwayo obegcwele usizi emehlweni ekhuluma.
Uthe umndeni kamsolwa awukaze usondele kubo kodwake lokho abakugqiziqakala ngoba ngisho bengeza kubo ayikho into abazoyenza nabazoyisho ngoba vele umsolwa wayekuhlelile ukubulala uBianca ngokubona kwabo.
Icala lihlehliselwe umhlaka 29 April lapho umsolwa ezobe ezofaka khona iscelo sebheyili.
Lo mngani uthi ngenxa yokusolwa ngokuba nesandla ekubulaweni komngani wakhe wagcina engasakwazanga ngisho ukuya emngcwabeni wakhe.
Inkulumo eqoshiwe phakathi kukaBianca nalo mngani iyakuqinisekisa ukuthi wayesehlele ukuthi kungenelele umuntu omdala odabeni lwakhe noSizwe.