Umenagemeli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa useveze ukuthi ayibafakeli uvalo iMK Party namanye amaqembu amasha angenele ukhetho olungoMay 29.
URamaphosa, obekhuluma nabalandeli be-ANC KwaDukuza eThekwini ngoMgqibelo, uthe empeleni ayikho nje inhlangano ephikisayo abayesabayo ngaphambi kokhetho.
Uthi i-ANC inabalandeli abaningi ezweni lonke futhi izothusa abaningi okhethweni njengoba kulindelwe ukuthi ingenzi kahle.
“I-ANC inozinzo eKZN. Onke amaqembu ezepolitiki amasha azama ukuthatha abalandeli bethu kodwa ngeke aphumelele. I-ANC izophumelela ngoba abantu baseKZN nabaseNingizimu Afrika bayayithanda i-ANC,” kusho uRamaphosa.
“Sizoba neningi kumavoti. Ngisho neqembu elisha elibizwa ngeMK Party lizoyifunda kahle i-ANC, ngisho nalapha eKZN. Angikungabazi lokho. Amandla ethu nokwesekwa kwethu kulesi sifundazwe kuqinile.”
URamaphosa ubeka kanjena nje iMK iholwa ngowayengumengemeli we-ANC uMnuz Jacob Zuma, osephumele obala ngokuthi ngokuthi engasithatha esobumengameli uma abantu bembuyisela.