Owayengumqeqeshi we-Al Ahly uPitso Mosimane uthi ukuhlehla kwemidlalo eminingi ngenxa yokuthi badlala kwimiqhudelwano ehlukahlukene yikhona okuphazamisa leliqembu ezinhlelweni zalo.
UPitso walaxaza umsebenzi kwi-Ahly ngenyanga edlule, wabala ukuthi usezuze okuningi kakhulu neqembu alinikeze iCAF Champions League amahlandla amabili, amaCAF Super Cup amabili kanye nezindondo zethusi ezimbili kwiFIFA Club World Cup.
Yize washiya izindebe eCairo, uPitso ubephilela ukugxekwa kakhulu kuleliqembu, ikakhulukazi izinkakha zeqembu ebezimsola ngokudlala ibhola elingekho lihle.
NoMengameli weqembu uMahmoud El-Khatib wagcine evumile ukuthi kungenzeka kukhona uhlelo olwaluphushwa izinkakha, zifuna kuhambe uPitso.
I-Al Ahly iqhubekile yathwala kanzima yize engasekho uPitso, yagcina ihluleke yancama ukunqoba iligi. URicardo Soares othathe izintambo kuPitso, ungaphansi kwengcindezi njengoba iligi ithathwe izimbangi ezinkulu iZamalek SC.
Leliqembu libhekane nomunye umshophi njengoba liqede isizini lihleli endaweni yesithathu.
UPitso ukhale ngokuthi ukudlala kwiligi, CAF Champions League, CAF Super Cup, FIFA Club World Cup kanye nokuhanjelwa abadlali ababeyodlala kwiFIFA Arab Cup neTotalEnergies Africa Cup of Nations kuphazamise iqembu kakhulu.
“Ngiyayazi inkinga ye-Al Ahly. Inkinga yimidlalo esele ngemuva. Iligi yase-Egypt ayiphelile, kusaqedelwa iligi yangonyaka odlule namanje basaqhubeka nendebe yango-2021. Kufana nokuthi kusaqedelwa iNedbank Cup yangesizini edlule,” kubeka uPitso.
UPitso ubephawula ngezinkinga ezizobhekana namaqembu ase-Afrika amakhulu uma sekuqala i-Africa Super League.
“Kuyimanje basaqeda iligi, kusele i-Egypt Cup yakulonyaka. Kunzima kakhulu ngoba abakayiqedi. Yileyo inkinga ebengibhekana nayo.
Ngicabanga ukuthi abantu abahlela imidlalo nemiqhudelwano abakhulumi nongoti. Kufanele kukhulunywe nongoti. Kuningi esingakujabulela,” kubeka lomqeqeshi.