Owayengunompempe weFIFA u-Ace Ncobo uthi unozinti weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune waphula umthetho ngesikhathi evimba amaphenathi amabili emdlalweni weMTN 8 beshaya iStellenbosch FC sekukhahlelwa amaphenathi.
IGlamour Boys yanqoba ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenathi enkundleni iDanie Craven Stadium eyayigcwele phama.
UKhune wavimba amaphenathi ayekhahlelwe uDino Van Rooyen noLuezi Likuta.
UNcobo uthi kwakufanele akhahlelwe kabusha amaphenathi ngoba uKhune wayesukile emgqeni wakhe ngesikhathi esewavimba. UNcobo ubeke icala konompempe ngokuhluleka ukuqaphela uKhune.
Ekhuluma ohlelweni iSuperSport Extra Time ngoMsombuluko, UNcobo ubeke kanje:
“UKhune bekufanele avimbe amaphenathi ngoba ulwela iqembu lakhe. UKhune uphule umthetho. Onompempe kufanele bamgade unozinti uma ephula umthetho obekiwe. Onompempe bahlulekile ukubamba uKhune.
UKhune usukile emgqeni wakhe, unompempe kanye nosizi wakhe bebebukela umdlali ozokhahlela iphenathi, akekho obeqaphe uKhune.
Angeke ngikhulume ngamaphenathi womabili avinjwe uKhune ngoba ayafana. Uphumile emgqeni kuwona womabili, uphule umthetho. Unompempe nephini lakhe bekufanele bambone uKhune ukuze ezokhahlelwa kabusha amaphenathi. Akekho obenakile,” kubeka uNcobo.
UNcobo uthi umsizi kanompempe uyena obekufanele aqaphele uKhune ngesikhathi esuka emgqeni wakhe.
“Umsizi kanompempe uzibukela kwenye indawo, ubukela umdlali ozokhahlela ibhola. Umsizi kanompempe bekufanele abheke uKhune ophule umthetho.
Uthini umthetho ngesigameko esifana nalesi? Umthetho uthi unozinti kufanele abeke noma unyawo olulodwa emgqeni uma kusakhahlelwa ibhola. Kungenzeka unyawo lusuke kancane emgqeni.
Unozinti unelungelo lokuqhela kancane kodwa kufanele unyawo olulodwa luthinte umugqa. Akufanele uhambe nomzimba wonke epalini kodwa onompempe bakuvumile lokho.
Angeke simgxeke uKhune ngoba uwabambile amaphenathi. Naye ufuna ukusiza iqembu lakhe linqobe imidlalo,” kubeka uNcobo.