Inkantolo enkulu eCatalonia isiqinisekise ukuthi iphenya inkakha yeBarcelona, uDani Alves, ngezinsolo zokunukubeza ngokocansi owesifazane endaweni yobumnandi ngenyanga edlule.
U-Alves, obeyingxenye yesikwati seBrazil kwiFIFA World Cup eQatar, uyazichitha lezi zinsolo.
Inkantolo enkulu izolo ishicilele isitatimende esifishane esingalivezanga igama lika-Alves ngoba usaphenywa “ngecala lokunukubeza ngokocansi kulandela icala alivulelwe owesifazane ngokwenzeka endaweni yobumnandi ngenyanga edlule.”
Okhulumela inkantolo ukuqinisekisile ukuthi umsolwa wuDani Alves.
Ngokwemibiko evela eSpain lo wesifazane usola u-Alves ngokumthinta isitho sangasese ngaphandle kwemvume yakhe.
NgeSonto eledlule u-Alves ekhuluma nesiteshi sezindaba i-Antena 3 uthe akamazi ngisho ukumazi lo wesifazane. Uthe wayezidansela engahluphi muntu.
“Ngingayenza kanjani leyonto kumuntu wesifazane?” kubuza yena.
Uma inkantolo ithola kunobufakazi obanele bokuthi kuqulwe icala, u-Alves, odlalela iPumas UNAM eMexico kungenzeka acelwe ukuthi abuye eSpain azobhekana naleli cala.