Umqeqeshi weManchester City uPep Guardiola uthi iqembu lakhe belingadlala kancgono kumdlalo abawunqobe ngo 6-3 beshaya iManchester United e-Etihad Stadium ngeSonto ntambama. Nakuba ebefa yinjabulo ngesikhathi kuqhubeka umdlalo uPep, ukhale ngamaphutha enziwe abadlali, wathi bebengadlala kangcono kulo mdlalo.

“Sidlale kahle kodwa singadlala kangcono. Baningi kakhulu abadlali abenze amaphutha kuma-pass. Akukho kuhle lokho. Kumele sifunde ukugcina umgqigqo.

“Kwezinye izindawo enkundleni asikafiki kwizinga engifuna sibe kulo. Izinto ezilula besingazenzi ngendlela. Besiphisana ngebhola.” kusho lo mqeqeshi.

UGuardiola uyishayele ihlombe indlela adlale ngayo kulo mdlalo umgadli u-Erling Haaland oshaye amagoli amathathu waphinde wathola ama-assist amabili.

“Phambilini uke wathi ufuna ukuthinta ibhola kahlanu avalele amagoli amahlanu emdlalweni. Angikuthandi mina lokho. Ngifuna abe yingxenye yomdlalo. Ngithandile ukumbona edlala, kodwa angikukhohliwe ukuthi ithalente lakhe ukuvalela amagoli,” kusho uPep.

ICity ihleli kunombolo 2 kwilog yePremier League isele ngephuzu elilodwa kwi-Arsenal ngemuva kwemidlalo ewu-8. Izodlala neCopenhagen kwiChampions League kuleli sonto.