Umqeqeshi waMaZulu uBrandon Truter uphikise izinqumo ezithathwe unompempe uVictor Gomes kumdlalo wabo weMTN8 neKaizer Chiefs izolo. Kulo mdlalo uGomes ukhiphe abadlali ababili boSuthu kanye nomqeqeshi wonozinti uJohan Abselon.

UTruter uthi AmaZulu ngesikhathi kukhishwa uVeluyeke Zulu, nangokukhishwa kukaKeagan Buchanan ocelwe ukuthi ayoshintsha amasokisi abewavule izimbobo ngasezihluzwini njengendlela yokugwena ukulimala.

“Angazi kwakhala nyonini phakathi kwami boVictor kodwa njalo uma uphethwe uyena umdlalo kusuka umsindo, akugeji.

“Ukhiphe uBuchanan ekhala ngesokisi lakhe, uthe esaphumile uGeorge Maluleka waya phansi naye engeke aphume ngoba kumele athole usizo kuqala ngaphambi kokuthi aphume enkundleni (ngenxa yokulimala). Ngithe ngisamemeza ngitshela uMaluleka ukuthi akasukume, wanginikeza ikhadi. Angisazi ke noma akusafanele yini siqeqeshe. Asisavumelekile ukukhuluma nabadlali? Uma efuna ukuphatha yonke into kulungile, akaphathe.

“Kufana nalenyyo ayenze kuGabadingo, bekungafanele akhishwe ngekhadi elibomvu. Ubeceliwe ukuthi afake isikibha, wathatha isikhashana, wanikezwa ikhadi.” kusho uTruter.