Umqeqeshi weManchester City uPep Guardiola ubefake iwashi leRichard Mille elibiza u-£1.1 million (R25 million) ngesikhathi ezakhe zibhekene neReal Madrid koweChampions League ngoLwesibili.

Ngokombiko we-ESPN U.K, awu-50 kuphela amawashi e-RM27-01 enziwe ukuze adayiselwe omacaphuna kusale njengoPep, obalwa kubaqeqeshi abaphambili emhlabeni.

IMan City igcine ibambane ngo 3-3 neReal Madird eSantiago Bernebeu Stadium. Bazobhekana emlenzeni wesibili ngesonto elizayo ngoLwesithathu.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uPep uncome inkundla entsha yeMadrid wathi yinhle kodwa ucela balungise utshani

“Ningakuthathi kabo lokhu, muhle umsebenzi. Ngesikhathi ngisadlala, utshani waseBernebeu wawufana nokhaphethe…ngicabanga ukuthi basazokulungisa lokho,” kusho yena.

“Womabili amaqembu abefuna ukuhlalsela. Abekwenza ngezindlela ezihlukile lokho, kodwa bekuhlaselwano. Ungachitha usuku lonke uzama ukucabanga ngendlela yokunqanda indlela ekuhlasela ngayo iMadrid, akwenzeki.”