Owayengumdlali we-Arsenal neFC Barcelona, uThierry Henry, uthi uPhil Foden useqalile ukuthatha iMan City ayibeke emahlombe akhe uma ziboza ezinye izethenjwa zeqembu.

UHenry ubeke kanje ngemuva kwengcenga yebhola elidlalwe wuPhil Foden eSantiago Bernebeu phambi kwabalandeli beReal Madrid. UFoden usenamagoli amahlanu kwiChampions League, nama-assist amathathu emdlalweni emihlanu.

KwiPremier League usevalele awu-14 emdlalweni ewu-30.

“Engizokusho ngoPhil Foden ukuthi kulo nyaka uma uHaaland ecwilile emdlalweni noma uma kulimele uDe Bruyne, useyakwazi ukuthatha iqembu alibeke emahlombe akhe,” kusho uHenry.

“Sesingambala uma kukhulunywa ngabadlali abasezingeni eliphezulu.”