Sphamandla Gumede
Umgadli weCape Town City u-Ayanda Patosi ukhala ngokuzitshwa yiBafana Bafana yize edlala ngokuzimisela eqenjini lakhe laphesheya.
UPatosi ubolekiswe kwiFoolad edlala kwiligi yase-Iran, okubikwa ukuthi ifuna ukumgcina ngokuphele ngenxa yokuzimisela kwakhe.
Ekhuluma kwinkomfa nabezindaba iSouth African Football Journalists Association (Safja) ngoMsombuluko, uPatosi uthe abadlali abangakaze bedlalele amaqembu amakhulu kuleli ngaphambi kokulibangisa phesheya kwezilwandle ababizwa kwiBafana.
“Ngibona ngathi ngiyzitshwa kwezinye izikhathi. Uma ngidlala phesheya anginakwa yize ngisuke ngidlala kahle. Ithuba angilitholi,” kuchaza uPatosi.
Lomdlali uthi uyaqonda ukuthi abaqeqeshi bakhetha abadlali abahlukene kodwa uzozama ukuzibonakalisa ukuze ezobizwa esikwatini.
“Kwesinye isikhathi abaqeqeshi yibona abasuke bengakholelwa kuwe. Inkinga ikubaqeqeshi. Ngesikhathi uStuart Baxter eqoka iqembu le-AFCON, ngangidlala kahle, ngishaya amagoli. Ngaba umdlali ovelele e-Iran ngaleso sikhathi kodwa angibizwanga eqenjini,” kuchaza UPatosi.
UPatosi uthi kuyamxaka ukuqonda indlela okukhethwa ngayo abadlali kwiBafana.
“Kuya ngomqeqeshi. Uma ekuthanda, uyabizwa esikwatini. Angazi ukuthi bahlolwa bonke yini abadlali abaphesheya noma kubhekwa labo abadlalela amaqembu amakhulu kuPSL. Angazi kuqokwa kanjani kodwa ngisebenza ngokuzikhandla kwi-Foolad,” kubeka lomdlali.
UPatosi uthe ukubizwa kukaDino Ndlovu odlala eChina, kumnikeza inhlansi yethemba mayelana nokuphinda adlalele iBafana.
“Ngiyathemba ukuthi umqeqeshi uMolefi Ntseki uzonginikeza ithuba. Noma engangibiza ukuzoziqeqesha neqembu ukuze ezongihlola. Kubonakala ngathi akekho okubhekile. Ngihlezi ngibhekile uma kubizwa abadlali besikwati,” kuchaza uPatosi.