Sphamandla Gumede

Imenenja yeKaizer Chiefs uBobby Motaung uthi iqembu alikaze litatazeliswe ukucabanga ngesimo sokuvalwa kweligi yePremier Soccer League (PSL) ka-2019/20, yize bekukhona ukungabaza ngokuqhubeka kwemidlalo.

Ukubheduka kwesifo iCovid 19 eNingizimu Afrika kuphazamise izinhlelo kwezemidlalo, kwaholela ekutheni uhulumeni athathe isinqumo sokuvala kwasani okuhlanganisa ezemidlalo.

NgoMsombuluko, iPSL iqhilikise izihlathi zabathandi bebhola abaningi ngenkathi imemezela ukuthi imidlalo yeNedbank izobuyela ezinkundleni ngo-Agasti 8. Imidlalo yeGladAfrica Championship ne-Absa Premiership izoqala mhlaka 11 Agasti.

“Siyajabula ngokubuyiswa kwemidlalo. Saqala ukuziqeqesha ngesikhathi sinikezwa imvume. Sikulungele ukudlala. Siyazi ukuthi kunemigomo obekumele ilandelwe. Sinabaholi abahlakaniphile abakwazile ukusingatha loludaba. Besilindile, sibheka imigomo futhi silandela zonke izinguquko ezibekwe abaholi,” kusho uBobby ecashunwa abeTimesLive.

Ngesonto eledlule, kusabalele imibiko ebiveza ukuthi kungezeka iligi ivalwe ukuze kuzoqalwa kabusha ngesizini elandelayo. Kubikwa ukuthi ibhodi lePSL nabaxhasi bebehlukene phakathi ngokwemibono.

IChiefs iqede isizini ka-2018/19 ilele kunombolo 9, yasala ngaphandle komqhudelwano iMTN 8. Amakhosi abehlose ukunqoba isicoco seligi njengoba egubha iminyaka engu-50 kulonyaka.

IGlamour Boys ihleli esicongweni seligi ngamaphuzu angu-48 njengoba isalelwe imidlalo eyisithupha kwi-Absa Premiership. IChiefs isalelwe imidlalo engu-8 yeligi.

“Kade silindile, sifuna ukuzwa indlela okumele siyithathe. Besingatatazeli, abadlali bebezinikela kumalungiselelo. Asikaze sishaywr uvalo ngokumiswa kwemidlalo. Kuzomele siqhubeke lapho sigcine khona ngoMashi. Kungenzeka siphazamiseke ngoba sesihlale izinyanga ezine singadlali. Angikhalazi kodwa kumele sibhekane nezingqinamba ezikhona. Kumele siqhubekele phambili,” kuchaza uBobby.

Imidlalo izobanjelwa esifundazweni saseGauteng, okuyisinqumo esithathelwe ukuqikela ukuphepha kwabadlali kwiCovid 19.