Owayengumdlali weKaizer Chiefs neTS Galaxy uBernard Parker useveze indlela axoshwa ngayo kuMakhosi nokwenzeka ngemuva kokwaziswa ukuthi usephelelwe wumsebenzi.
UParker uhlale kwiChiefs iminyaka ewu-11 ngemuva kokujoyina esuka kwi-FC Twente ngo-2011. Washiya ngo-2022 wajoyina iTS Galaxy, ahlale kuyo iminyaka emibili wabe esewagaxa emgibeni ngemuva kokulinyazwa wuBongani Zungu ngesizini ka-2023/24.
Ekhuluma kwiSmash Sports Podcast uParker uveze ukuthi wayengalindele nhlobo ukudedelwa yiChiefs.
“Ngavele ngatshelwa ukuthi sekuphelile, ngatjho okay, kodwa uthe ngiphephile?” kusho uParker ekhuluma ngengxoxo yakhe nowayeyi-agent yakhe uMike Makaab.
“Wathi angiye eholidini…ngangingabeka imali. Manje anginawo umsebenzi futhi iqembu engizolijoyina lizongehlisela umholo. Ngangingabeka imali.
“Ngacela ukuhlangana nosihlalo ukuze ngimbonge. Bavuma [abaphathi beChiefs]. Wonke umungtu wayekhona emhlanganweni kodwa abaqeqeshi babengekho.
“Ngakhuluma konke nosihlalo, ngambonga ngakwenzele umndeni wami. Sixoxa ngakucacisa ukuthi ngiyafisa ukubuya ngizosebenzela iqembu nganoma iyiphi indlela. Kwathiwa ngizothintwa ngenyanga ezayo, angikaze ngithintwe. Ngenyanga elandelayo ngaphinde ngazama futhi, kwase kuwu-June. Ngaphinde ngazama nangoJulu. Ekugcineni bathi angize ngizobona umqeqeshi uMolefi Ntseki.
“Ngambona uNtseki, wahlala wangilalela. Naye ngamazisa okufanayo, wathi sizobona. Ngaqhubeka ngilokhe ngizama ukulandela, bagcina sebengangiphenduli.
“Ngavele ngamukela ngathi kulungile, angizame kwenye indawo ngoba sekudlule izinyanga ezimbili ngingaholi.”
UParker wagcina ephelele emabhukwini eTS Galaxy. Njengamanje usebenza njengomqeqeshi we-reserve team kwiThe Rockets.