Umqeqeshi we-Orbit College uPogiso Makhoye uthi unephupho lokuba nabadlali abathathu esikwatini seBafana Bafana, uveza okufanele bakwenze ukuthi uHugo Broos engabathathi kancane.

UMakhoye ubeke kanje ngemuva kokubuka ezakhe ziginqa iRichards Bay FC ngo ngo 2-1 ngoLwesihlanu ebusuku. Bekungokwesithathu iCollege inqoba kule sizini, okuyibeke kunombolo 12 etafuleni leBetway Premiership.

Ngemuva komdlalo uMakhoye uthe engajabula ukubona okungenani abadlali abathathu be-Orbit eqenjini lesizwe, kodwa uthi uyazi lokho kuzokwenzeka uma benganqoba imidlalo emine noma emihlanu kulandelana.

“Ngivele ngakhumbuza abadlali ukuthi iNingizimu Afrika izodlala kwiWorld Cup,” kuphendula uMakhoye ebuzwa ukuthi ubagqugquzele kanjani abadlali.

“Yithuba lokuthi bazikhangise leli. Iphupho lami ukuba nabadlali abathathu eqenjini lesizwe.

“Ukuze kufezeke lokho sidinga ukunqoba imidlalo emine noma emihlanu kulandelana ukuze abantu bengezukusithatha kancane. Bazofuna ukwazi yini esenza sidlale kahle.

“Okwamanje sisabhekene nomqansa, kodwa sithe asizame okungenani ukunqoba imidlalo emine kulandelana.

“Ngijabule nangoSaleng, useyasondela ezingeni, lokho kukhuphula amathuba okuthi abuyele eqenjini lesizwe.”