Owayengumqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Augusto Palacios uyibona iyingozi kakhulu iMamelodi Sundowns ngaphansi kwesandla sikaRulani Mokwena uma eqhathaniswa nabaqeqeshi abadala.
IMamelodi Sundowns sekusele kancane ukuthi inqobe isizini ka-2022/2023 yeDStv Premiership kulandela ukunqoba imidlalo ewu-15 kulandelana ngaphansi kukaMokwena. Ihamba phambili ngamaphuzu awu-20.
“ISudndowns ihlale iyinkinga futhi ijwayele ukuhlala esicongweni. Kusukela kwisikhathi sikaPitso, kukhala isicathulo seSundowns, kodwa manje yenza kangcono kakhulu,” kusho uPalacious engxoxweni neKickOff.
“Badlala ibhola elingcono. Uma abadlali beqonda amaqhinga akho kuba yisibusiso. Uma abadlali bengafuni ukukudlalela ngeke uphumelele. URuluni ufike nokuziphatha ngendlela eqondile nebhola elihle. Uyazibonela ukuthi abadlali bajabule.
“URulani unikeza nabadlali abasakhula ithuba lokuziveza.”
UPalacious uqhube waveza ukuthi iSundowns yake yadlala ngalendlela phambili kodwa manje umehluko wukuthi bakwenza kuyo yonke imidlalo, nakuyo yonke imqhudelwano abakuyo.