Inkakha yeLiverpool esihlaziya ibhola, uJamie Carragher, ithi iLiverpool idinga umdlali wasemuva ozobanga indawo noTrent Alaxander-Arnold osephenduke u-N2 kuleli qembu.

UCarragher ubeke kanje ngemuva kokushaywa kweLiverpool ngo 1-0 (agg 6-2) ibhekene neReal Madrid kwi-UEFA Champions League.

Lo mdlali sekukaningi kungenwa ngasohlangothini lwakhe uma amanye amaqembu ecindeza iLiverpool, okuyinto eyabonakala emlenzeni wokuqala ibulawa ngo 5-2.

“Kuyinto engikhathazayo kakhulu ukuthi amaqembu angena kuye,” kusho uCarragher ekhuluma neCBS Sport. “Angikhathazekile ngeqembu nje kuphela, kodwa nangaye. Sekukaningi engenzi ngendlela emuva kule sizini.

“Inkinga ababhekene nayo wukuthi akekho umdlali oncintisana noTrent emuva. Esinye sezizathu zalokho wukuthi ubedlala kahle. Usala uzibuze ukuthi ‘ngithenge ba?’ nokuthi kumele uchithe imali engakanani kumdlali ongeke adlale njalo. Kodwa manje iLiverpool sekumele ithenge enye iright back. Useyonquma ke uJurgen Klopp ukuthi uthenga ba ngamalini, kodwa lo mfana udinga azoqhudelana naye.”