Umqeqeshi weKaizer Chiefs oqale kule sizini ukupheka iqembu eligijima kwiDStv Premiership, ucela ukunikezwa isikhathi ngoba nabanye abaqeqeshi abadumile namhlanje, njengo Sir Alex Ferguson, akubahambelanga kahle zisuka.

Engxoxweni nabezindaba izolo uMolefi Ntseki akagcinanga ngokuziqhathanisa noFerguson kuphela, kodwa uphinde wenza isibonelo nangomqeqeshi weManchester City, uPep Guardiola, ethi naye kwisizini yakhe yokuqala kwiPremier League akenzanga kahle.

“No-Alex Ferguson owayengumqeqeshi weManchester United, abantu babenganeme ngaye kwisizini yakhe yokuqala, kodwa ewumqeqeshi obadlula bonke emlandweni weMan United.

 noPep Guardiola ngesikhathi efika kwiManchester City, unyaka wokuqala awubanga muhle, kodwa ugcine esengumqeqeshi ophambili emhlabeni kanti neMan City yilona qembu eliphambili emhlabeni njengamanje.”