Umqeqeshi weKaizer Chiefs uMolefi Ntseki uthi iCarling Knockout Cup iyithuba lokuthi bazame ukuqeda ngeshobolo leminyaka edonsa ku-8 benganqobi lutho kwiPSL.
Kumqhudelwano weMTN 8 osanda kuphela, uNtseki ufake iqembu kuma-semifinals, nokuyilapho behlulwe khona iMamelodi Sundowns.
Ngesikhathi kwethulwa lenkomishi eHyde Park, eJohannesburg izolo, uNtseki ukhulume nabezindaba, ebachazela ngesifiso sakhe sokubuyisa injabulo kubalandeli beqembu.
“Kufanele siyibonge iPSL nabaxhasi ngokusebenza kanzima, yagcina isilethe enye inkomishi. Sikulungele ukuzimisela kulemidlalo yezinkomishi,” kusho uNtseki.
IGlamour Boys iqhathwe naMaZulu FC, okuyiqembu abalifake uswazi kwiDSTV Premiership kulesizini.
“AmaZulu ayiqembu elihle, sidlalile nabo eFNB Stadium. Kukhona abadlali abasayinisiwe abasezingeni. Balikhuphulile izinga uma ubheka imidlalo elandele ngemuva kowethu.
Ngesikhathi bedlala nathi, babesefomini Engle kodwa sabashaya. Ngibabukile bedlala nePolokwane, balikhuphulile izinga, nethimba labaqeqeshi seliyabonakala ukuthi lizama ukwenzani,” kusho uNtseki.
Lomqeqeshi uthi neqembu lakhe alihlangene ngendlela afisa ngayo.
“Sizama ukulungisa phakathi kokudlala kahle nokubuya nemiphumela emihle. Sidlala kahle kodwa asinqobi. Sifuna ukuwunqoba lomdlalo.
Kufanele siwunqobe umdlalo wenkomishi. Sizama ukulungisa izindawo ezintengayo eqenjini. Abadlali sebeyatholana ngendlela ebesifisa ngayo.
Sekushoda ukuthi sibhakuzise inethi. Siyazama ukuyilungisa linking ejimini,” kuchaza uNtseki.